Winning the heart and soul of South Africa for Mary by spreading the Fatima Message

Winning the heart and soul of South Africa for Mary by spreading the Fatima Message

Ingelosi Yenkosi (The Angelus) (Zulu)

V. Ingelosi yeNkosi yazisa u Maria,

R. Wayesethabatha ku Moya oCwebileyo. Yethi Maria Ogcwele umusa, Inkosi inawe. Ubusisiwe wena esifazaneni, ibusisiwe nenzalo yesisu sakho u Jesu. Maria oCwebileyo, Nina Ka Nkulunkulu, awusikhulekele thina zoni, manje nasesikhathini sokufa kwethu, Amen.

V. Wayesethi u Maria Ngiyincekukazi ye Nkosi!

R. Akwenzeke kimi njengokusho kwakho. Yethi Maria…

V. Izwi laba inyama

R. Lahlala phakathi kwethu. Yethi Maria…

V. Mzali oCwebileyo kaNkulunkulu sikhulekele

R. Size sifanele u Kristo asithembise kona.

Asikhuleke:

Siyancenga, Nkosi, thela igrasiya lakho enhliziyweni zethu, khona sothi njengoba ngokubika kwengelosi, siqonda ukuthi u Kristo indodana yakho, wazenza umuntu, size sitholiswe ubukhosi obutholakala Ekuvukeni, ngokuhlushwa nokunqanyulezwa. Sicela ngaye u Kristo iNkosi yethu. Amen