
Udumo alube kuYise bene Ndodana noMoya oCwebileyo, njengoba kwakunjalo ekuqaleni kusenjalo namanje kuyoba njalo sonke isikhathi naphakade. Ameni.

Baba wethu oseZulwini,
maliphathwe ngobungcwele igama lakho.
Umbuso wakho mawufike, intando yakho mayenziwe emhlabeni njengase Zulwini.
Awusiphe namuhla isinkwa sethu semihla ngemihla,
usithelele izono zethu njengoba nathi sibathethelela abasonayo.
Ungasingenisi ekulingweni kodwa usisindise kokubi. Amen.

Ngiyakholwa kuNkukunkuklu uYise, uMninimandla onke, uMdali weZulu nomhlaba nakuJesu Kristo iNdodana yakhe eyodwa iNkosi yethu, owathatshathwa ku Moya oCwebileyo wazalwa yintombi eyingcwele uMaria, wahlushwa kubusa uPonsio Pilatu, wanqanyulezwa, wafa, wembelwa, wehla waya kwabafileyo; ngosuku lwesithathu wabuye wavuka kwabafileyo, wenyuka waya eZulwini, uhlezi kwesokunene sikaYise uMninimandla onke, lapho eyakuvela khona, ezothetha amacala abasekhona nabafileyo. Ngiyakholwa kuMoya ocwebileyo, iBandla eliyingcwele eliKhatholika, ukuhlangana kwabacwebileyo, ukuthethelwa kwezono, ukuvuka kwabafileyo, nokuphila kwaphakade. Amen.