Winning the heart and soul of South Africa for Mary by spreading the Fatima Message

Winning the heart and soul of South Africa for Mary by spreading the Fatima Message

Ukuzethula eNhliziyweni eyiNgcele cwe kaJesu (Act of Consecration to the Sacred Heart of Jesus) (Zulu)

Ukuzethula eNhliziyweni eyiNgcele cwe kaJesu

P. Jesu oThandekayo, Msindisi wesintu, akusibheke, nakhu siguqe ngokuzithoba phambi kwelathi lakho, singabakho sithanda ukuba ngabakho njalo.

K. Kepha ukuze ukuzihlanganisa kwethu nawe kuye kuqine njalo, bheka yilowo kithina esezethula ngokujabula eNhliziyweni yakho eyiNgcwele kakhulu.

P. O! Baningi abangazange bakwazi; baningi futhi abadelele imithetho yakho, bakulahla.

K. Bahawukele bonke labo Jesu omnene kakhulu, ubadonsele bonke eNhliziyweni yakho eyiNgcwele.

P. Nkosi, yiba iNkosi, ungabi nje eyamakholwa angabonaze esuke kuwe, qha, ube yiyona nakubantabakho abalahlekileyo, abakushiyile.

K. Yenza ukuba basheshe babuyele ekhaya kuYise, funa bafe usizi nendlala.

P. Yiba iNkosi yalabo futhi abaphanjwe izimfundiso ezingeyizo, neyalabo abaqembukile kuwe ngokwambuka.

K. Babize babuyele enqabeni yeqiniso nasebunyeni bokholo, yikhona kuzawushesha kube isibaya sinye noMalusi munye.

P. Nkosi, yipha iBandla lakho inhlalakahle nolondeko nenkululeko, uphe izizwe zonke ukuthula nokuhleleka. Yenza ukuba emhlabeni wonke, kusukela emkhawulweni ongaphezulu kuye kugcine emkhawulweni ongaphansi, kuzwakale izwi libe linye lokuthi:

K. Udumo alube seNhliziyweni kaNkulunkulu, okuvele kuyo ukusindiswa kwethu; ayituswe yaziswe, kuze kube phakade.

Amen.

Sourced from www.umzimkulu.info

Ukwamukela Ngokulangazela – ngokomphefumulo (Spiritual Communion) (Zulu)

CorpusChristi-Feast

UKWAMUKELA NGOKULANGAZELA – ngokomphefumulo

“Jesu wami, ngiyakholwa ukuthiukhona ngempela eSakramenteni eliyiNgcwele kakhulu
laseLathini. Ngiyakuthanda ngaphezu kwazo zonke izinto, futhi ngiyafisa ukukwamukela
emphefumulweni wami. Njengoba ngingakwazi ukukwamukela esakramenten iwoza kimi
okungenani ngokomphefumulo. Ngikusingatha okungathi usungaphakathi kimi ngiluhlanganisa
nawe lonke uqobo lwami. Ungangidedeli ngahlukaniswe nawe.” Amen.

(St. Thérèse of Lisieux)

sourced from: www.umzimkulu.info